2.5.19

Dumisani Ukuphila Okusha

Amahubo Ebandla "Dumisani Ukuphila Okusha"

Haleluya! Sibonga futhi sidumisa Wena!

Haleluya! Sibonga futhi sidumisa Wena, Nkulunkulu Mninimandla onke!

I
UKristu wezinsuku zokugcina ubonakele, esebenza futhi ekhuluma phakathi kwabantu.

Izwi laKhe liyahlulela, lisole futhi lisicwengisise, lisiholele endleleni efanele yokuphila komuntu.

Yizwi likaNkulunkulu elingishintshile,

ngakho nginokuphila okusha okudumisa uNkulunkulu. (Haleluya!)

Ubuhlungu nokucindezelwa kuphelile, ngikhululiwe emoyeni futhi ngicula ingoma. (Haleluya!)

Kuhle ngempela ukwazi iqiniso. Ngiyibeke eceleni inyama, angive ngikhululekile! (Dumisani uNkulunkulu!)

Yonke imibona nokungaqondi kuphelile, isimo sami sokungalaleli sesishintshile.

Ngihamba endleleni ekhanyayo yokuphila komuntu; uthando lukaNkulunkulu luyigugu futhi lungokoqobo! (Dumisani uNkulunkulu!)

Ukuphakanyiswa uNkulunkulu ukujabulela uthando lukaNkulunkulu.

Ngilunambithile uthando lukaNkulunku futhi ngeke ngiphinde ngimshiye uNkulunkulu.

II
Bafowethu nodadewethu sindawonye, ngaphandle kwemingcele noma ibanga.

Sikhonza ndawonye ebandleni, ngenhliziyo nangomqondo owodwa, ngokujabula sicula ingoma yokudumisa.

Ukucula kugcwele uthando ngoNkulunkulu. Sicula ngezinhliziyo eziqotho.

UNkulunkulu ongokoqobo usenze kabusha futhi wasishintsha, usenze kabusha futhi wasishintsha ukuba sibe abantu abasha.

Ubani ongabonisi uzwela enhliziyweni yakhe? Ubani ongabonisi uthando enhliziyweni yakhe?

Udansela ukudumisa uNkulunkulu, futhi ngishaya izandla zami eceleni.

Sibeke eceleni imithwalo yalo mhlaba, umndeni, nenyama; siyathandana, asive sijabula!

Ukuphila okudala okudlule ngeke kubuye, izikhathi ezimnandi zingaphambili. Izikhathi ezimnandi zingaphambili!

Akuve kujabulisa ukwenza umsebenzi wami nokunikeza ubufakazi; sikhonza ngeqiniso, sikhululiwe futhi sikhululekile.

Abantu bakaNkulunkulu bajabulela ukuphila; ukuphila komuntu okukhanyayo kuyangilandela. (O.)

Akuve kujabulisa ukwenza umsebenzi wami nokunikeza ubufakazi; sikhonza ngeqiniso, sikhululiwe futhi sikhululekile.

Abantu bakaNkulunkulu bajabulela ukuphila; ukuphila komuntu okukhanyayo kuyangilandela.

Ngizokhonza uNkulunkulu ongokoqobo kuze kube phakade!

Haleluya!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Dumisani Okufezwe Umsebenzi KaNkulunkulu

Awekho amazwana:

Thumela amazwana

Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve

(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ubu...