Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izethembiso zikaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula izethembiso zikaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
16.11.18
Zulu Gospel Video "Okuqoshiwe Ngomsebenzi KaNkulunkulu Wokudala Umhlaba Nokuhola Nokuhlenga Isintu"
South African Gospel Song "Okuqoshiwe Ngomsebenzi KaNkulunkulu Wokudala Umhlaba Nokuhola Nokuhlenga Isintu" Uyafuna ukwazi indlela uNkulunkulu adala ngayo umhlaba? Uyafuna ukwazi indlela uNkulunkulu ahole ngayo isintu isinyathelo ngesinyathelo kwaze kwaba namuhla? Lesi siqephu esimangalisayo esivela kubhayisikobho yobuKristu ethi, Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke, siloba ngomsebenzi kaNkulunkulu wokudala umhlaba, nokuhola nokuhlenga isintu. Sizokwambulela lezi zimpendulo.
15.11.18
Ukuphakama Kwe-United States of America Kanye Nomsebenzi Wayo
South African Gospel Music "Ukuphakama Kwe-United States of America Kanye Nomsebenzi Wayo"
Esisekelweni sokubambelela emigomweni yayo yokusungulwa yenkululeko, intando yeningi, nokulingana … I-US ibambe iqhaza elibalulekile ekusimamiseni isimo somhlaba wonke kanye nokuzinzisa ukuhleleka komhlaba. Leli qhaza alinakuthathelwa ngokunye isikhundla ekuvikelweni nasekusimamisweni kwesimo somhlaba wonke.
14.11.18
2018 Zulu Gospel Movie Clip - "Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli"
South African Gospel Music 2018 "Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli"
Emuva kwamakhulu eminyaka yokubanjwa ngumthetho, ama-Israyeli ekugcineni abhekana nengozi yokulahlwa nokubulawa ngumthetho ngenxa yeziphambeko zawo. Akhala ngokuphuthumayo kuNkulunkulu, owawanika isethembiso—esasizoguqula isiphetho nokuphila kwawo. Pho sasiyini ngempela lesi sethembiso? Impendulo yambulwa kulesi siqephu sebhayisikobho yobuKristu esimangalisayo esithi, Isethembiso SikaNkulunkulu Kuma-Israyeli.
13.11.18
New Zulu Gospel Movie Clip - "UNkulunkulu Unikeza Umthetho"
New Zulu Gospel Movie Clip - "UNkulunkulu Unikeza Umthetho"
Emuva kokuba uMose ehole ama-Israyeli aphuma eGibhithe, uNkulunkulu wamemezela imithetho nemiyalelo, eyaqondisa impilo yama-Israyeli emhlabeni futhi yafundisa abantu indlela yokukhonza uNkulunkulu. Le mithetho nemiyalelo ayiqondisanga ama-Israyeli kuphela, kodwa yafundisa futhi yanikeza indinganiso yokwakha imithethosisekelo yezizukulwane ezilandelayo, ibeka isisekelo sezinhlelo zomthetho zesintu sesikhathi esizayo.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)
Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve
(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ubu...