10.3.18

God's Will Is Carried Out on Earth "Umbuso KaKristu Usufeziwe Phakathi Kwabantu" 2018christian dance



Isingeniso

I
UNkulunkulu uSomandla osesimweni somuntu
uvela ezinsukwini zokugcina eMpumalanga,
njengelanga nje elinokulunga liphuma;
isintu sesikubonile ukukhanya kweqiniso kuvela.
UNkulunkulu onokulunga futhi onobukhosi, onothando nomusa
ngokuzithoba uzifihle phakathi kwabantu,
ekhipha iqiniso, ekhuluma futhi esebenzaUNkulunkulu uSomandla ubhekene nathi ubuso nobuso.
UNkulunkulu enimomele, uNkulunkulu engimlindele,
namuhla uvela kithi ngokoqobo.
Silifunile iqiniso, silangazelele ukulunga;
iqiniso nokulunga sekufikile phakathi kwabantu.
Uyamthanda uNkulunkulu, ngiyamthanda uNkulunkulu;
isintu sigcwele kakhulu ithemba elivuselelwe.
Abantu bayamlalela, izizwe ziyamkhonza
uNkulunkulu wokoqobo osesimweni somuntu.
II
UNkulunkulu uSomandla ukhipha iqiniso futhi uletha ukwahlulela,
embula isimo sikaNkulunkulu sokulunga.
Ngokwahlulela, ukusola nokuvivinya ngamazwi,
unqoba futhi aphelelise iqembu labanqobi.
Amazwi kaNkulunkulu, anolaka futhi anobukhosi,
ahlulela futhi ahlanze ukungalungi kwesintu,
ebhidliza ngokuphelele inkathi yobumnyama.
Iqiniso nokulunga kuyabusa emhlabeni.
Umhlaba wonke uyahalalisa, bonke abantu bayathokoza;
itabernakele likaNkulunkulu liyafika phakathi kwabantu.
Umhlaba uyanyakaza nezizwe ziyakhonza,
intando kaNkulunkulu izokwenziwa emhlabeni.
Umhlaba wonke uyahalalisa, bonke abantu bayathokoza;
itabernakele likaNkulunkulu liyafika phakathi kwabantu.
Umhlaba uyanyakaza nezizwe ziyakhonza,
intando kaNkulunkulu izokwenziwa emhlabeni.
Umbuso kaKristu usufeziwe phakathi kwabantu
Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Awekho amazwana:

Thumela amazwana

Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve

(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ubu...