Amahubo Ezwi LikaNkulunkulu "Iqiniso Liphezulu Kunazo Zonke Izisho Zempilo"
I
Iqiniso lingokoqobo kakhulu kunazo zonke izisho zempilo,
futhi liphakeme kunazo zonke phakathi kwaso sonke isintu.
Libizwa ngesisho sokuphila ngoba liyilokho,
ngoba liyilokho uNkulunkulu akucelayo kumuntu futhi liwumsebenzi owenziwa Nguye mathupha,
uNkulunkulu akucelayo kumuntu futhi liwumsebenzi owenziwa Nguye mathupha.
Alisona isisho esiqoqwe sisuka entweni ethile,
noma ukucashunwa kwamazwi adumile omuntu obalulekile, umuntu obalulekile.
Kodwa yizwi eliya esintwini
livela eNkosini yezinto zonke emhlabeni nasezulwini.
II
Aliyiwo amazwi athile aqoqwe yisintu,
kodwa yimpilo yemvelo kaNkulunkulu, uNkulunkulu uqobo Lwakhe.
Ngalokho liyisisho esiphakeme kunazo zonke.
Ukwenza iqiniso ngukugcwalisa umsebenzi wakho,
nokwenelisa lokho okufunwa uNkulunkulu, okufunwa uNkulunkulu.
Alisona isisho esiqoqwe sisuka entweni ethile,
noma ukucashunwa kwamazwi adumile omuntu obalulekile, umuntu obalulekile.
Kodwa yizwi eliya esintwini
livela eNkosini yezinto zonke emhlabeni nasezulwini.
III
Ingqikithi yale mfuneko empeleni ingokoqobo kakhulu kuwo onke amaqiniso,
futhi akuyona imfundiso ethile engenalutho engafezeki.
Alisona isisho esiqoqwe sisuka entweni ethile,
noma ukucashunwa kwamazwi adumile omuntu obalulekile, umuntu obalulekile.
Kodwa yizwi eliya esintwini
livela eNkosini yezinto zonke emhlabeni nasezulwini.
Alisona isisho esiqoqwe sisuka entweni ethile,
noma ukucashunwa kwamazwi adumile omuntu obalulekile, umuntu obalulekile.
Kodwa yizwi eliya esintwini
livela eNkosini yezinto zonke emhlabeni nasezulwini.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Awekho amazwana:
Thumela amazwana