Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukuphila. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukuphila. Bonisa konke okuthunyelwe
18.5.18
"Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" Ubufakazi Bamandla KaNkulunkului Bamandla KaNkulunkulu
Ngaso sonke isikhathi endaweni yonke, zonke izinto ezisemkhathini zihamba ngokunembile phakathi kwemizila yazo. Ngaphansi kwamazulu, izintaba, imifula, namachibi konke kunemingcele yakho, futhi zonke izidalwa ziphila futhi zizalane kuzo zonke izinkathi zonyaka ezine ngokuvumelana nemithetho yokuphila…. Lokhu konke kuklanywe ngokumangalisayo—ingabe ukhona Onamandla obusa futhi ahlele konke lokhu? Selokhu safika sikhala kulo mhlaba saqala ukufuna ukudlala izindima ezahlukene ekuphileni. Sisuka ekuzalweni siye ekugugeni siye ekuguleni siye ekufeni, sihamba phakathi kwenjabulo nosizi… Sibuya kuphi ngempela isintu, futhi sizoya kuphi ngempela? Ubani obusa isimiselo sethu? Kusukela ezikhathini zasendulo kuze kube sezikhathini zanamuhla, izizwe ezinkulu zivelile, amakhosi afikile futhi edlula, kanti amazwe nabantu bachumile futhi bashabalala emagagasini omlando…. Njengomthetho wemvelo, ukuthuthuka kwemithetho yesintu kuqukethe izimfihlakalo ezingapheli. Ingabe ungathanda ukwazi izimpendulo zazo? Idokhumentari ethi Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke izokuqondisa ukuba uthole umsuka walokhu, ukuba yembule zonke lezi zimfihlakalo!
19.3.18
Indlela Yokukhonza Ngokuvumelana Nentando KaNkulunkulu
Namuhla, sizobe sikhuluma ngendlela okumele abantu bakhonze ngayo uNkulunkulu ekukholweni kwabo kuNkulunkulu, yimiphi imibandela okumele ifezwe kanye nokuthi yini ekumele iqondwe yilabo abakhonza uNkulunkulu, nokuthi yiziphi iziphambeko ezikhona ekukhonzeni kwakho.
24.11.17
Ukuphila KwaseBandleni Lethu Kuyathandeka Kakhulu
Zulu Song "Ukuphila KwaseBandleni Lethu Kuyathandeka Kakhulu" Enjoy the Word of God and Praise God
UNkulunkulu uMninimandla onke useyinyama, Wena sikuculela kakhulu izindumiso.
Usiletha ekuphileni kombuso.
Thina bantu bombuso sisedilini laKho,
sijabulela amazwi aKho, sihlanzwe ekonakaleni kwethu.
Izwi laKho liyasihola futhi sikulandela eduze.
Kungenxa yomusa kaNkulunkulu ukuthi isimo sethu sobusathane siye sagezwa.
Sijabulela izwi likaNkulunkulu futhi siphila ukuphila okusha phambi kwaKhe.
19.11.17
Isenzo (1)
Esikhathini esedlule, bekunokuchezuka okuningi ngendlela abantu ababebona ngayo izinto, futhi bekungaba okungenangqondo. Ngenxa yokuthi babengawaqondi amazinga okudingakalayo zikaNkulunkulu, bekunezindawo eziningi lapho izinto abantu abazenzayo zahamba ngokungafanele.
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)
Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve
(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ubu...