Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Unyazi Iwasempumalanga. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula Unyazi Iwasempumalanga. Bonisa konke okuthunyelwe

15.3.18

Ukubheka indaba yokushintshwa esikhundleni

UYi Ran eLaiwu City, eShandong Province
     Esikhathini esedlule, ngenxa yokungaqondi kwami umgomo ophathelene nokuhlelwa kabusha kwezisebenzi ebandleni, lapho ibandla lishintsha umholi esikhundleni, kwazaleka umcabango kimi. Ukususela kulokho engangikubuka, udade lo owayeshintshwa esikhundleni wayemuhle kakhulu ekwamukeleni nasekwabelaneni ngeqiniso, futhi wayevulelekile ekuykhulumeni kwakhe ngenkohlakalo. Ngakho ke, ngangingaqondi ukuthi kwakungani umuntu owayelithanda kangaka iqinisoiqiniso kwakumelwe asuswe.

13.3.18

Bonke Abantu Baphila Ekukhanyeni KukaNkulunkulu


Manje ekuphakanyisweni, ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu
Kuyachuma emkhathini wonke, kuphakanyisiwe kuso sonke isintu.
Amadolobha ezulu ayahleka, imibuso yomhlaba iyadansa.

10.3.18

The Love of God Awakens My Heart | "Indaba kaXiaozhen" (6) - Ebuya | Musical Drama



UNkulunkulu uSomandla uthi, “Uma uzizwa ukhathele, futhi uma uqala ukuzwa isizungu, isizungu yaleli zwe. Ungadideki, Ungakhali. UNkulunkulu uSomandla, uMlindi, uyokwamukela ukufika kwakho noma nini.Useceleni kwakho ubhekile, elindele ubuyele emuva. Ulindele usuku lapho ingqondo yakho isanguluka …” (Izwi Livela Lisenyameni). Njengoba uXiaozhen esesele nemihuzuko eshaywe umhlaba wazinikela osizini, uthando lukaNkulunkulu uSomandla lwafika kuye inhliziyo yakhe yase ivuswa. …






9.3.18

Gospel Movie "UNKULUNKULU AKUBUSISE" Worship God and Receive His Protection (Zulu Dubbed)



UNkulunkulu Akubusise

Abantu bajwayele ukuthi, "Izingozi ziyenzeka, impilo ngeke uyazi."
Namhlanje, ezomnotho nezobuchwepheshe kuthuthuka ngesivinini esikhulu,
amazinga okuphila athuthuke kancane kancane,
kodwa sesithole ukuthi izibhicongo emhlabeni@jikelele zinyuka usuku nosuku.

Ngubani iNkosi Yami Ngabe iBhayibheli liyiNkosi, noma Ngabe uNkul (Iziqeshana)



Isingeniso
ULiu Zhizhong ungumzwalane omdala wendlu yebandla lasendaweni eShayina. Usebeyikholwa ngaphezulu kweminyaka engamashumi amathathu, futhi ubesolokhu egcizelela ukuthi “iBhayibheli liphefumulelwe nguNkulunkulu,” “iBhayibheli limele uNkulunkulu, ukukholelwa kuNkulunkulu wukukholelwa eBhayibhelini, ukukholelwa eBhayibhelini wukukholelwa kuNkulunkulu.” Enhliziyweni yakhe, iBhayibheli libaluleke kakhulu.

27.2.18

Izingxenye Eziyishumi Ezikhethwe Ezwini LikaNkulunkulu Ngesithi “Umsebenzi Nokungena”

1. Kusukela ngesikhathi abantu abaqala ngaso ukunyathela emgudwini ofanele wokuphila, kunezinto eziningi ezingakacaci. Basadunguza emswanini ngomsebenzi kaNkulunkulu, nangomsebenzi omningi okufanele bawenze. Ngakolunye uhlangothi, lokhu kungenxa yokwehluka kwemibono yabo kanye nokuntula ulwazi; futhi kuphinde kube ngenxa yokuthi umsebenzi kaNkulunkulu awukabalethi abantu kulesi sigaba.

19.2.18

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amabili Nesithupha

Kuwo wonke amazwi akhulunywa uNkulunkulu, kuyabonakala ukuthi usuku lukaNkulunkulu luyasondela usuku ngosuku. Kusengathi lolu suku selulapha phambi kwamehlo abantu, sengathi luzofika kusasa. Ngalokhu, emva kokufunda amazwi kaNkulunkulu, bonke abantu bashaywa uvalo, futhi banomuzwa wencithakalo yomhlaba.

16.2.18

Izwi Leshumi

INkathi Yombuso, kakade, yehlukile ezikhathini ezedlule. Ayithinti okwenziwa ngumuntu. Kunalokho, ngenza umsebenzi Wami emva kokwehlela emhlabeni — umsebenzi okungekho muntu ongawucabanga noma awufeze. 

15.2.18

Khonza Njengoba Kwenza Ama-Israyeli

Kulezi nsuku, abantu abaningi abazinaki izifundo okufanele zifundwe phakathi nokusebenzisana nabanye. Ngithole ukuthi abaningi kini abakwazi nhlobo ukufunda izifundo phakathi nokusebenzisana nabanye. 

Labo Abasimo Sabo Siguqukile Yilabo Abangene Oqotsheni Lwamazwi KaNkulunkulu

Indlela uMoya oNgcwele asebenza ngayo kubantu ukuqala ngokukhipha izinhliziyo zabo kubo bonke bantu, izigameko, nezinto uzifake emazwini kaNkulunkulu ukuze bonke bakholwe ezinhliziyweni zabo ukuthi amazwi kaNkulunkulu kuphela angenakungatshazwa futhi ayiqiniso eliphelele. 

Yilabo Abazi UNkulunkulu Kuphela Abangafakaza ngoNkulunkulu

        Kungumthetho waseZulwini nesimiso sasemhlabeni ukukholelwa kuNkulunkulu nokwazi uNkulunkulu, kanti namuhla—ngesikhathi lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu enza umsebenzi Wakhe—yisikhathi esihle sokwazi uNkulunkulu. Ukwanelisa uNkulunkulu kwenzeka ngokuba nesisekelo sokuqonda intando kaNkulunkulu,

14.2.18

Izwi Lamashumi Amane Nane

Abantu baphatha umsebenzi Wami njengento esizayo nje, abadlulwa ukudla noma ukulala ngenxa yawo, ngalokho futhi anginakho okunye engingakukhetha ngaphandle kokwenza izimfuno ezimfanele umuntu ngesimo sengqondo sakhe Ngami.

13.2.18

Inkulumo Emfishane Mayelana “Nombuso Weminyaka Eyinkulungwane Osufikile”

Uwubona kanjani umbono woMbuso Weminyaka Eyinkulungwane? Abanye abantu bacabanga kakhulu ngawo, futhi bathi uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane uyoba khona iminyaka eyinkulungwane emhlabeni, ngakho uma amalungu amadala kunamanye ebandleni engashadile, ingabe kufanele ashade? Umndeni wami awunamali, ingabe kufanele ngiqale ngenze imali? … Uyini uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane? Ingabe uyazi? Abantu babona kalufifi futhi bathwele kanzima kakhulu. Empeleni, uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane awukakafiki ngokusemthethweni. Esigabeni sokupheleliswa kwabantu, uMbuso Weminyaka Eyinkulungwane, umane uwumfanekiso onesilinganiso esincane; ngesikhathi soMbuso Weminyaka Eyinkulungwane okhulunywe nguNkulunkulu, umuntu uyobe esephelelisiwe.

Inhloso Yokwengamela Umuntu

Uma abantu bengaqonda ngokugcwele indlela elungile yempilo yomuntu kanjalo nenhloso kaNkulunkulu yokulawula umuntu, ngeke baphathe ikusasa labo ngabanye ngabanye kanye nemigomo abayiphokophelele njengomcebo ezinhliziyweni zabo. Ngeke besafisa ukukhonza abazali babo abangcole ngaphezu kwezingulube nezinja. 

4.2.18

Izwi Lamashumi Amabili Nesikhombisa

       Ukuziphatha kwabantu akukaze kuyithinte inhliziyo Yami, noma ngikubone njengokubalulekile. Umuntu uhlala ebona sengathi ngimphethe ngesandla sensimbi kanti futhi ngihlala ngisebenzisa igunya phezu kwakhe.

30.1.18

South African Gospel Song "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe"



South African Gospel Song "Ingqikithi KaKristu Inqunywa Ngumsebenzi Namazwi Akhe"
I
Ingqikithi kaKristu inqunywa ngumsebenzi namazwi akhe
Ngenhliziyo eneqiniso, uqeda lokho akunikiwe,
ukhonza uNkulunkulu osezulwini futhi afune intando kaYise.
Konke lokhu kunqunywa yingqikithi Yakhe, kanjalo nezambulo Zakhe zemvelo.
Zibizwa kanjalo ngoba amazwi Akhe awakhona ukulingisa,
noma asuka eminyakeni yokukhuliswa noma ekufundisweni umuntu.
Awafundwa noma awokuzihlobisela, kodwa awemvelo. Awu …
Awafundwa noma awokuzihlobisela, kodwa awemvelo. Awu …

28.1.18

Ihubo Lalokho Obhekane Nakho Empilweni Ingoma Yothando Olumnandi


 
I
Ekujuleni kwenhliziyo yami, kukhona uthando lwaKho.
Lumnandi kakhulu, ngisondela Kuwe.
Ukunakekela Wena kwenza kube mnandi enhliziyweni yami;
ukukhonza Wena ngayo yonke ingqondo yami.

25.1.18

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amane Nane Nelamashumi Amane Nanhlanu

UNkulunkulu USomandla uthi:
"Kusukela uNkulunkulu atshela umuntu “ngothando lukaNkulunkulu”—okuyisifundo esijule kunazo zonke—uye wanamathela ekukhulumeni ngalesi sihloko emazwini athi “amazwi kaMoya ophindwe kasikhombisa,” enza abantu ukuthi bonke bazame ukwazi ngokungabi nalutho kwempilo yomuntu, ngalokho ekhipha uthando lweqiniso ngaphakathi kubo. Bamthanda kangakanani uNkulunkulu labo abakhona esigabeni samanje? Uyazi wena? Akukho mikhawulo esifundweni “sokuthanda uNkulunkulu.” Kuthiwani ngolwazi lwempilo yomuntu kubo bonke abantu?

Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve

(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ubu...