Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula insindiso. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula insindiso. Bonisa konke okuthunyelwe
17.8.19
Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve
(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ububi balo benyukele ebusweni bami.
7.12.18
71. Susa Ukuzenzisa, Bese Uqala Impilo Kabusha
UChen Dan Esifundazweni SaseHunan
Ekupheleni konyaka odlule, ngenxa yokuthi ngangingakwazi ukuphakamisa umsebenzi wevangeli endaweni yami, umndeni kaNkulunkulu waletha omunye umfowethu osuka kwenye indawo ukuzothatha umsebenzi wami. Ngaphambi kwalokhu ngangingaziswanga, kodwa kunalokho ngezwa ngokungaqondile ngodade engangisebenza naye. Ngathukuthela kakhulu.
26.11.18
Ukuzithukulula Emaketangeni Omoya
Ngangiwumuntu obuthakathaka nozwelayo. Ngenkathi ngingakakholelwa kuNkulunkulu, ngangivame ukuzizwa ngiphansi futhi ngicindezeleka ngenxa yezinto ezazingifikela empilweni. Zaziziningi zalezi zikhathi, futhi ngangihlezi ngizwa sengathi impilo yami yayinzima;
21.11.18
2. Ingabe ubufakazi beqiniso benkolo kuNkulunkulu uma umuntu ethokozela kuphela umusa kaNkulunkulu?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Uma uthokozela umusa kaNkulunkulu kuphela, unempilo yomndeni enokuthula noma ukubusiseka ngezinto eziphathwayo, lapho-ke awukamtholi uNkulunkulu, futhi inkolo yakho kuNkulunkulu ifadabele. UNkulunkulu usevele uwenzile umsebenzi wesiqephu esisodwa womusa enyameni, futhi usevele wathululela izibusiso zezinto eziphathekayo phezu komuntu—kodwa umuntu akakwazi ukupheleliswa ngomusa, uthando, nesihawu kuphela.
19.11.18
3. Ngenxa Yokwenza Umsebenzi Wami, Mina Nganikezwa Insindiso Enkulu kaNkulunkulu
UHong Wei,EBeijing
Ncwaba 15,2012
KuNtulikazi 21, 2012, imvula enamandla yaqala ukuna. Ngalolo suku kwenzeka nje ukuthi nganginomsebenzi okwakufanele ngiwenze, ngakho-ke emva komhlangano wethu ngabona ukuthi imvula yase yehlile, ngashesha ngaya ekhaya ngebhayisikili lami. Kungenkathi kuphela lapho ngingena emgwaqweni omkhulu ngathola ukuthi amanzi ayedilika ngokushesha entabeni njengempophoma, futhi umgwaqo wawembozwe amanzi emvula agelezayo ngangokuthi ubuso bomgwaqo bakungasakwazi ukubonakala kahle hle ngokucacile.
18.11.18
South African Gospel Song "UNkulunkulu Usesimweni Somuntu Ukuze Nje Anqobe USathane Futhi Asindise Sonke Isintu"
South African Gospel Song "UNkulunkulu Usesimweni Somuntu Ukuze Nje Anqobe USathane Futhi Asindise Sonke Isintu" I Ngesikhathi salokhu ukuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu emhlabeni, wenza umsebenzi Wakhe phakathi kwabantu. Wonke lo msebenzi unenhloso eyodwa – ukunqoba uSathane ongudeveli. Uyonqoba uSathane ngokunqoba umuntu, nangokukwenza uphelele. Lapho wethula ubufakazi obunamandla, nalokhu, kuyosho ukunqotshwa kukaSathane.
17.11.18
South African Gospel Song "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Usebenza Ngokuthula Ukusindisa Umuntu"
South African Gospel Song "UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Usebenza Ngokuthula Ukusindisa Umuntu" I UNkulunkulu waba yinyama, wahlala efihlekile phakathi kwabantu ukuze enze umsebenzi omusha, asisindise enkohlakalweni. Ugodla incasiselo. Ngezinhlelo azenzile, wenza umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo. Amazwi Akhe ayakhula usuku ngosuku, eduduza, ekhumbuza, esola futhi exwayisa. Kusuka kokuthambile nokunomusa kuya kokunolaka nobukhosi, amazwi Akhe afaka uzwelo novalo. Konke akushoyo kwembula izimfihlo zethu ezijulile.
1.11.18
25. Izono zethu zaxolelwa ngemva kokukholwa eNkosini, kodwa sisona kaningi; ekugcineni singakubalekela kanjani ngokuphelele ukuboshwa yisono?
Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Izono zomuntu zathethelelwa ngoNkulunkulu osenyameni kodwa akusho ukuthi umuntu akanaso isono phakathi kuye. Izono zomuntu zazingathethelelwa ngomnikelo wesono kodwa umuntu akakakwazi ukuxazulula indaba yokuthi angabe esasenza isono nokuthi le mvelo yakhe yokona ingakhishwa kanjani ngokuphelele futhi iguqulwe.
31.10.18
24. Njengoba iNkosi uJesu noNkulunkulu uSomandla benguNkulunkulu ofanayo, ingabe ukukholwa kuJesu kuphela akwanele ukuze umuntu asindiswe?
Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Kumuntu, ukubulawa kukaJesu esiphambanweni kwasonga umsebenzi wokuba sesimweni somuntu kukaNkulunkulu, kwahlenga sonke isintu, futhi kwamkhulula ukuba athathe izihluthulelo zeHayidesi.
22. Kuyo yonke le minyaka ngokholo lwami eNkosini ngithole izibusiso eziningi futhi ngelashwa ekuguleni. Ngakho uma kudingeka ngibe nokholo kuNkulunkulu uSomandla, ingabe lokho bekungeke kubonise ukungabi nanembeza?
Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Njengoba umuntu ekholwa kuNkulunkulu, kumele alandele eduze ezinyathelweni zikaNkulunkulu, isinyathelo nesinyathelo; kumele “alandele iMvana noma ngabe iya kuphi.” Yilaba bantu kuphela abafuna indlela yeqiniso, yibo abazi umsebenzi kaMoya oNgcwele.
18.10.18
37. Ngiyitholile Intokozo Yeqiniso
uZhang Hua, eCambodia
Ngazalelwa emndenini ojwayelekile nje wabalimi. Yize noma umndeni wami wawungacebile, ubaba nomama babethandana futhi bengiphethe kahle. Impilo yomndeni wami yayiphuphuma futhi ibusisekile. Ngithe uma ngikhula, ngazitshela ukuthi: Kumele ngithole umyeni ozongiphatha kahle futhi kumele sizakhele umndeni onokuthula nojabulile. Yilokho okubaluleke kakhulu. Angifuni umcebo, ngidinga nje ukuba nobudlelwane obunothando nomyeni wami bese siphila impilo yomndeni enokuthula.
13.10.18
Itabernakele LikaNkulunkulu Likubantu
UChen Bo, eChina
Ngolunye usuku, ngaya endlini kadadewethu ukuyohlola umama wethu. Ngaphambi kokuhamba, udadewethu wanginika incwadi, engicela ukuba ngiqiniseke ukuthi ngiyifunda ngokucophelela. Ngazicabangela ngathi: Le ncwadi udadewethu anginike yona ngokuqinisekile ingumsebenzi kamoya.
11.10.18
EZwini LikaNkulunkulu USomandla, Ngithole Indlela Yami Yempilo
UNovo ePhillippines
Igama lami nginguNovo, ngingumFiliphi. Kusela ngisemncane, ngangikholwa uNkulunkulu nomama wami. Ngangiya enkonzweni nabafowethu nodadewethu siyolalela izintshumayelo. Nakuba ngangikholwa yiNkosi iminyaka eminingi, ngangizizwa sengathi angikholwa. Ngaphakathi enhliziyweni yami, usuku lonke, ngangiye ngicabange ukuthi ngingayihola kanjani imali eningi ngiphile impilo engcono.
26.8.18
South African Gospel Song "UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni"
South African Zulu Song “UNkulunkulu Angazuza Isintu Kuphela Ngokusebenza Enyameni” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu
I
Ngezwi likaNkulunkulu elingokoqobo,
ubuthakathaka nokuhlubuka komuntu kuyahlulelwa futhi kwembulwe.
Bese umuntu ethola lokhu akudingayo.
Uyabona ukuthi uNkulunkulu usefikile kulo mhlaba wabantu.
25.8.18
South African Gospel Song "Ukubaluleka Kokuphatha KukaNkulunkulu Isintu"
African Gospel Song "Ukubaluleka Kokuphatha KukaNkulunkulu Isintu"
I
Ukuphatha kukaNkulunkulu ngokokuzuza isintu esimkhulekelayo nesilalelayo.
Nakuba bonakaliswe nguSathane, abasambizi ngobaba, abasambizi.
Ukuphatha kukaNkulunkulu ngokokuzuza isintu esimkhonzayo nesimlalelayo.
Nakuba bonakaliswe nguSathane, abasambizi ngobaba, abasambizi;
bayabazi ububi bukaSathane, ngakho bayamchitha, ngakho bayamchitha.
Beza phambi kukaNkulunkulu, bemukela ukusolwa nokwahlulelwa.
Bayakwazi okubi, nalokho okungcwele, okungcwele.
23.8.18
73. Kungani Ngihambe Endleleni YabaFarisi?
USuxing Esifundazweni SaseShanxi
Ngingumuntu ozikhukhumezayo futhi oziqhenyayo, futhi isikhundla selokhu kwayinto engenza buthakathaka. Eminyakeni eminingi, bengiboshwe yidumela kanye nesikhundla futhi ngingakwazi ukuzikhulula kukhona.
21.8.18
62. Isizathu Sangempela Sokuba Buthuntu Emsebenzini
UXinyi edolobheni laseXi’an, esiFundazweni saseShaanxi
Ekuvakasheleni kwami amabandla kwakamuva, ngizwe kaningi abaholi nabasebenzi bethi abanye abantu, emva kokuhlanganyela nami, baba ngabalandulayo, ababuthakathaka nabaphelelwe ugqozi lokuqhubeka nokufuna.
20.8.18
61. Akulula Ukuba Umuntu Othembekile
UZixin wasedolobheni laseWuhan, esiFundazweni saseHubei
Ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu nokulalela intshumayelo, ngafinyelela ekukuqondeni ukubaluleka kokuba umuntu othembekile ngase ngiqala ukuphila ngokuthembeka. Emva kwesikhathi esithile, ngathola ukuthi sengizuze ukungena ekubeni ngumuntu othembekile.
18.8.18
53. Yini Ngempela Ukwamukela Iqiniso?
UXiaohe eDolobheni lasePuyang, esiFundazweni saseHenan
Esikhathini esidlulile, njalo uma ngifunda amazwi ambulwe nguNkulunkulu mayelana nokuthi abantu abemukeli kanjani iqiniso, ngangingakholwa ukuthi lawo mazwi abhekiswe nakimina.
2.8.18
1. Umuntu kufanele aqonde ukuthi umyalezo osatshalaliswa yiNkosi uJesu Ngenkathi Yomusa kwakuyindlela yokuphenduka kuphela.
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Phendukani: ngokuba umbuso wezulu usondele” (Mathewu 4:17).
“Ngoba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano esisha, elithululwa ngenxa yabaningi ngokuthethelelwa kwezono” (UMathewu 26:28).
Bhalisa ku:
Okuthunyelwe (Atom)
Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve
(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ubu...