Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uthando lukaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula uthando lukaNkulunkulu. Bonisa konke okuthunyelwe

18.6.19

UNkulunkulu Wenza Uthingo Njengophawu Lwesivumelwano Sakhe Nabantu

(UGenesise 9:11-13) Futhi ngizomisa isivumelwano sami nawe, ayisekho inyama eyophinda ibhujiswe ngamanzi kazamcolo;

        (UGenesise 9:11-13) Futhi ngizomisa isivumelwano sami nawe, ayisekho inyama eyophinda ibhujiswe ngamanzi kazamcolo; akasayikuza uzamcolo ukubhubhisa umhlaba. Futhi uNkulunkulu wathi, Lokhu kuwuphawu lwesivumelwano engisenza phakathi kwami nani nazo zonke izilwane eziphilayo ezinani, izizukulwane ngezizukulwane zaphakade: Ngiyamisa uthingo lwami emafwini, futhi luyakuba uphawu lwesivumelwano phakathi kwami nomhlaba.

6.6.19

III.INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.

(UGenesise 3:20-21) Futhi u-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u-Eva; ngokuba wayengunina wabo bonke abaphilayo. INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.

         (UGenesise 3:20-21) Futhi u-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u-Eva; ngokuba wayengunina wabo bonke abaphilayo. INKOSI uNkulunkulu yabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku zesikhumba, futhi wabambathisa.

5.12.18

67. Isipho Esihle Kakhulu UNkulunkulu Angiphe Sona

UNkulunkulu uSomandla

UYixin    Edolobheni LaseShijiazhuang,  Esifundazweni SaseHebei
Ngaphambili, ngangivame ukuzwa abafowethu nodadewethu bethi, “Konke uNkulunkulu akwenzayo okuhle kakhulu; yikho konke abantu abakudingayo.” Ngakwamukela lokhu futhi ngavumelana nakho, kodwa ngangingenakho noma yikuphi ukuqonda ngokuhlangenwe nakho kwami. Kamuva ngazuza ukuqonda ngakho ngesimo uNkulunkulu angenzela sona.

65. Ngeke Ngiphinde Ngivalwe Amehlo Yizinhloso Ezinhle

UMeng Yu    Edolobheni LasePingdingshan, Esifundazweni SaseHenan
Ngesinye isikhathi lapho ngenza umsebenzi wami, ngaphawula ukuthi umfowethu othile wayezama ukujabulisa odadewabo, okwakubonakalisa isici esibi sesimo sakhe emehlweni ami. Nganquma ukufuna ithuba lokumkhumbuza ngalezi zinto.

4.12.18

63. Ukulahla Ijoka LikaSathane Kuyakhulula

UMomo edolobheni laseHefei, Esifundazweni sase-Anhui
Ngaphambi kokuba ngikholwe kuNkulunkulu, noma ngabe ngangenzani, ngangingafuni neze ukusala emuva. Ngangizimisele ukwamukela noma yibuphi ubunzima inqobo nje uma lokho kwakuchaza ukuthi ngiyokwazi ukwedlula wonke umuntu. 

3.12.18

60. Noma Yini uNkulunkulu Ayishoyo Yisahlulelo Somuntu

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UXunqiu edolobheni laseNanyang, esiFundazweni saseHenan 
Ngangicabanga ukuthi uNkulunkulu wayehlulela futhi esola umuntu kuphela lapho esambule inkohlakalo yomuntu engaphakathi noma eveze amazwi anzima ahlulele isiphetho somuntu. 

1.12.18

44. Ngizimisele Ukwamukela Ukuhlolwa Yibo Bonke

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

UXian shang eJinzhong City, eShanxi Province 
Esikhathini esincane esedlule, zikhathi zonke uma ngizwa ukuthi abashumayeli besifunda beza ebandleni lethu, ngangiye ngizizwe ngingakhululekile kahle. Angizange ngiyiveze imizwa yami ngaphandle, kodwa enhliziyweni yami kwakugcwele ukungqubuzana okufihlakele. Ngangiye ngicacabange: 

23.11.18

10. Uthando LukaNkulunkulu Lungokoqobo Impela

EWenzhong Kwidolobha IBeijing
11 Ncwaba,2012
Ngobusuku bangomhla wama 21, kuwezi-2012, saba nozamcolo omkhulu lana, ongavamile ukwenzeka. Ngizothanda ukuxoxela wonke umuntu owomele uNkulunkulu into engayizwa futhi nengayibona ngaleso sikhathi.

19.11.18

3. Ngenxa Yokwenza Umsebenzi Wami, Mina Nganikezwa Insindiso Enkulu kaNkulunkulu

UHong Wei,EBeijing
Ncwaba 15,2012
KuNtulikazi 21, 2012, imvula enamandla yaqala ukuna. Ngalolo suku kwenzeka nje ukuthi nganginomsebenzi okwakufanele ngiwenze, ngakho-ke emva komhlangano wethu ngabona ukuthi imvula yase yehlile, ngashesha ngaya ekhaya ngebhayisikili lami. Kungenkathi kuphela lapho ngingena emgwaqweni omkhulu ngathola ukuthi amanzi ayedilika ngokushesha entabeni njengempophoma, futhi umgwaqo wawembozwe amanzi emvula agelezayo ngangokuthi ubuso bomgwaqo bakungasakwazi ukubonakala kahle hle ngokucacile. 

18.10.18

37. Ngiyitholile Intokozo Yeqiniso

uZhang Hua, eCambodia
Ngazalelwa emndenini ojwayelekile nje wabalimi. Yize noma umndeni wami wawungacebile, ubaba nomama babethandana futhi bengiphethe kahle. Impilo yomndeni wami yayiphuphuma futhi ibusisekile. Ngithe uma ngikhula, ngazitshela ukuthi: Kumele ngithole umyeni ozongiphatha kahle futhi kumele sizakhele umndeni onokuthula nojabulile. Yilokho okubaluleke kakhulu. Angifuni umcebo, ngidinga nje ukuba nobudlelwane obunothando nomyeni wami bese siphila impilo yomndeni enokuthula.

12.10.18

UNkulunkulu uSomandla wangiholela endleleni yokuthola ukuhlanjululwa

UGangqiang   e-USA 
Ngo-2007, ngenxa yengcindezi eningi empilweni yami ngazifikela ngokwami eSingapore ukuze ngisebenze ngizokwazi ukuziphilisa. Isimo sezulu siyashisa kakhulu unyaka wonke eSingapore, ngakho-ke nsuku zonke ngangijuluka kakhulu uma ngisebenza. Kwakunzima kakhulu kangangokuthi ngahlupheka ngendlela engachazeki futhi ngaphezu kwalokho kwakuyimpilo engajwayelekile zingekho izihlobo nabangani, ngakho ngacabanga ukuthi inesithukuthezi futhi inesidina. 

9.10.18

Phunyuka Emandleni Obumnyama Uzozuzwa UNkulunkulu

Ayini amandla obumnyama?
Lokhu okubizwa ngamandla obumnyama kuwukuba isigqila sikaSathane, kungamandla kaSathane, futhi kungamandla aholela ekufeni. 

4.10.18

2. Ukubona Ngokucacile Ubunjalo Bami

ukwambula iqiniso





UXiaoxiao  Edolobheni laseXuzhou, Esifundazweni iJiangsu 
Ngenxa yezidingo zomsebenzi webandla, ngasuswa ngayiswa kwenye indawo ukuphelelisa umsebenzi wami. Ngaleso sikhathi, umsebenzi wevangeli kuleyo ndawo wawusezingeni eliphansi, nesimo sabafowethu nodadewethu sasingalungile neze. Kodwa ngenxa yokuthi ngathintwa uMoya oNgcwele, ngathatha yonke into engathwesa yona ngokuzethemba okukhulu. Emva kokwethweswa umsebenzi, ngazizwa nginomthwalo omkhulu, nginokukhanyiseleka okuphelele, futhi ngaze ngacabanga ukuthi nginogqozi impela. Ngangikholwa ukuthi nginawo amandla futhi ngingawenza kahle lo msebenzi. Eqinisweni, ngaleso sikhathi ngangingenalo ulwazi noluncane lomsebenzi kaMoya oNgcwele noma isimo sami uqobo. Ngangiphila ngokuzanelisa nokuzigqaja ngokuphelele.

13.3.18

Dumisani uNkulunkulu ngoMoya nangeQiniso "Izwi Lenhliziyo Yomuntu Odaliwe"



Izwi Lenhliziyo Yomuntu Odaliwe


I

Ngangifuna ukukhala kodwa akukho ndawo eyezwakala ifanele.

Ngangifuna ukucula kodwa akwatholakala culo.

Ngangifuna ukuzwakalisa uthando lomuntu odaliwe.

Ngifuna yonke indawo, kodwa akukho mazwi ayengasho, ayengasho engikuzwayo.

Nkulunkulu ongokoqobo noyiqiniso, uthando oluphakathi enhliziyweni yami.

Ngiphakamisa izandla ngidumisa, ngiyathokoza ukuthi Wena weza kulo mhlaba.

27.1.18

Zulu Best Christian Video "Yonke Indlela Kanye Nawe" God Is Love



Yonke Indlela Kanye Nawe

I
Nganginjengesikebhe, ngintanta olwandle.
Wangikhetha, wangiholela esiphephelweni.
Manje emndenini Wakho, nginothiswa wuthando Lwakho, nginokuthula.
Uyangibusisa, unika amazwi Akho okwahlulela.
Kodwa ngisehluleka ukwazisa umusa Wakho.
Ngihlubuka njalo, ndlela thize ngikulimaza inhliziyo.
Awungithathi ngokwezono zami kodwa usebenzela insindiso yami.
Nxa ngikude, uyangibiza ngisuke engozini.
Nxa ngihlubuka, ufihla ubuso Bakho, umnyama ungisonga.
Nxa ngibuyela Kuwe, ukhombisa umusa, umamatheke ungisingathe.
Nxa uSathane engihlupha, 
ungelapha amanxeba, ungithokomalisa inhliziyo.
Nxa udeveli engilimaza, unami ekulingweni.
Ukusa sekuzoqhamuka,
izibhakabhaka zikhanye ngobuluhlaza njengakuqala,
Lapho ukhona nami.
Ukusa sekuzoqhamuka,
izibhakabhaka zikhanye ngobuluhlaza njengakuqala,
lapho ukhona nami.

3.1.18

8. UNkulunkulu Wavikela Umndeni Wethu Ngenhlekelele

EWang Lan Kwidolobha IBeijing 
Ncwaba 6, 2012
Mhla zingama-21 kuNtulikazi, 2012 isikhukhula eminyakeni engamashumi ayisithupha sadwengula isigodi sakithi. Inhlekelele yavela ezulwini, amanzi kazamcolo exube udaka kanye namatshe futhi yokanalisa isigodi sonke. Imizi eminingi yabhujiswa amanzi kanye nodaka olushelelayo.

30.12.17

Umuntu Okhohlakele Akakwazi Ukumela UNkulunkulu

         Umuntu abelokhu ephila ngaphansi kwefu lamandla obumnyama, eboshiwe engakhululiwe emandleni kaSathane. Futhi isimo somuntu, emuva kokuqhutsheziswa uSathane, ukhohlakala kakhulu. Ngamanye amazwi, umuntu uqhubeka nokuphila nenkohlakalo yesimo sobusathane, engakwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. 

14.12.17

Uthando Lwangempela lukaNkulunkulu Luyazenzakalela

 Bonke abantu bake balungiswa ngenxa yamazwi kaNkulunkulu. Uma kwakungazange kwenzeke ukuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu ngokuqinisekile isintu ngabe asibusiswanga ukuba sihlupheke ngaleyo ndlela. Kungabuye kubekwe ngale ndlela— labo abakwaziyo ukwamukela ukulingwa ngamazwi kaNkulunkulu bangabantu ababusisiwe. 

9.12.17

Umsebenzi kaMoya oNgcwele Nomsebenzi kaSathane

"Ukuqonda kanjani okuyisisekelo ngokomoya? ngabe uMoya oNgcwele usebenza kanjani kumuntu? Ingabe uSathane usebenza kanjani kumuntu? Ingabe imimoya emibi isebenza kanjani kumuntu? Futhi ziyini izibonakaliso zalo msebenzi? Uma kwenzeka okuthile kuwena, ingabe kuqhamuka kuMoya oNgcwele, futhi ingabe kufanele umthobele, noma ungamlaleli? Ukwenza kwabantu kuveza okuningi ngentando yomuntu kodwa yilokho abantu abahlezi becabanga ukuthi kuvela kuMoya oNgcwele.

Ukuhunyushwa Kwezwi Lesithathu


      "Namuhla akuseyona Inkathi YoMusa, noma inkathi yesihe, kodwa Yinkathi YoMbuso lapho abantu bakaNkulunkulu bevezwa khona, inkathi lapho uNkulunkulu enza khona izinto ngqo ngobuNkulunkulu.

Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve

(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ubu...