Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukubuya kweNkosi uJesu okwesibili. Bonisa konke okuthunyelwe
Kuboniswa okuthunyelwe okunelebula ukubuya kweNkosi uJesu okwesibili. Bonisa konke okuthunyelwe

22.11.18

3. Yini ngempela intando yomuntu olandela uNkulunkulu? Futhi yini ubufakazi beqiniso ngokukholwa kuNkulunkulu?

IBandla LikaNkulunkulu USomandla

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Khona-ke uJobe wasukuma, wabe eseklebhula isiphuku sakhe, futhi waphuca ikhanda lakhe, wabe esewela emhlabathini, futhi wakhuleka, Waye sethi, Ngaphuma ngihamba ze esibelethweni sikamama wami, futhi ngiyobuyela kuso ngihamba ze: iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI (UJobe 1:20-21).

5.11.18

43. Siyini isizathu esenza inkolo yomphakathi imelane ngokuxhamazela futhi izame ukulahla umsebenzi kaNkulunkulu omusha enkathini ngayinye? Uyini umsuka?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Isizathu sokuthi umuntu amelane noNkulunkulu siqhamuka, ngasohlangothini olulodwa, esimweni somuntu esonakele, futhi ngakolunye uhlangothi, ekungabini nolwazi ngoNkulunkulu nokweswela ukuqonda imigomo yomsebenzi kaNkulunkulu kanye nentando yakhe ngabantu. 

14.10.18

Ngakwamukela Ukubuya KweNkosi

uQingxin, eMyanmar
Abazali bami bobabili bangamaKristu futhi kusukela ebuncaneni bami ngaqala ukuya nabo enkonzweni ukuze ngithamele izinkonzo. Lapho ngineminyaka eyi-12 ngahambela ikhempu enkulukazi yamaKristu eMyanmar, futhi ngenkathi ngilapho umfundisi othile wathi kimina: “Ukuphela kwendlela yokugwema ukufa beseungena embusweni wezulu ukubhaphathizwa.” Ngakho-ke ukuze ngingene embusweni wezulu nganquma ukubhaphathizwa ngenkathi ngikule khempu. Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeka, ngaba ngumKristu wangempela.

11.10.18

3. Ukuphaphama Komphefumulo Okhohlisiwe

uYuanzhi, eBrazil
Ngazalelwa edolobheni elincane eNyakatho neChina. Ngo-2010, ngalandela izihlobo zami ngaya eBrazil. EBrazil, ngajwayelana nomngane ongumKristu. Wangivakashisa ebandleni ukuba ngilalele izintshumayelo. Nakuba ngaya kathathu, akuzange kugxile kimina. Ngemuva kwalokho, ngaba matasa emsebenzini wami, angibange ngisabuyela ebandleni kwaze kwaba ngolunye usuku ngoJuni, 2015, lapho umngane wami aphinda wangiletha ebandleni futhi. 

3.9.18

1.Ukuhlwithwa kufanele kusekelwe emazwini kaNkulunkulu futhi hhayi emicabangweni nasebucikweni bomuntu.

        Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

      “Baba wethu osezulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso Wakho mawufike, intando Yakho yenziwe emhlabeni njengasezulwini” (Mathewu 6:9-10).

2.9.18

2. Yini ukuhlwithwa kwangempela?

Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
Phakathi kwamabili kwezwakala izwi elikhulu, Bheka, kuza umkhwenyana; phumani niyomhlangabeza(Mathewu 25:6).

13.7.18

23. Uma nginokholo kakade eNkosini uJesu, kungani kufanele ngibe nokholo kuNkulunkulu uSomandla ukuze ngithole insindiso?

Impendulo Evela Ezwini LikaNkulunkulu:
Yize uJesu enza umsebenzi omningi kubantu, waqeda kuphela ukuhlengwa kwabantu waba umnikelo wezono zabantu, wangasisusa isimo senkohlakalo yomuntu. Ukusindisa umuntu ngokugcwele ekuthonyweni uSathane akudingi kuphela ukuthi uJesu athathe izono zabantu njengomnikelo wesono, kodwa kudinga ukuba noNkulunkulu enze umsebenzi omkhulu ukuze kuqedwe nya lesi simo somuntu, esiye sonakaliswa uSathane.

8.7.18

16INkosi uJesu inguNkulunkulu onomusa nothando. Kuphela nje uma sisekela igama leNkosi uJesu futhi sigcina indlela Yakhe, sikholwa ukuthi lapho ebuya, ngeke asishiye, futhi siyohlwithwa ngokuqondile singene embusweni wezulu.

         Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:

        “Akubona bonke abathi kimi, Nkosi, Nkosi abazongena embusweni wezulu; kodwa lowo owenza intando kaBaba osezulwini. Abaningi bazothi kimina ngalolo suku, Nkosi, Nkosi, asizange siphrofethe ngegama lakho? Futhi sakhipha namadimoni ngegama lakho? Futhi ngegama lakho senza imisebenzi eminingi emihle? Khona-ke ngizobe sengifakaza kubo ngithi, anginazi: sukani kimi, nina enenza okubi” (Mathewu 7:21-23).</span

17.5.18

Izwi Leshumi Nesikhombisa

        Izwi Lami likhala njengokuduma kwezulu, likhanyise amagumbi omane nomhlaba wonke, phakathi kokuduma kwezulu nokushaya konyazi, umuntu uqumbeka phansi. Akekho umuntu oke wema wanganyakaziseka uma kuduma izulu kushaya nombani: Abantu abaningi bayesaba baqhaqhazele uma kuza ukukhanya Kwami bangazi ukuthi benzeni. 

8.5.18

Best Christian Movie | "Yearning" | God Reveals the Mystery of Kingdom of Heaven (Eglish Dubbed)




Two thousand years ago, the Lord Jesus promised His followers: "I go to prepare a place for you. And if I go and prepare a place for you, I will come again, and receive you to myself; that where I am, there you may be also" (John 14:2-3). Because of this, generations of believers have continued to obsessively hope and pray for the fulfillment of the Lord's promise, and hope and pray that they are raptured into the heavens to meet the Lord and enter into the kingdom of heaven when the Lord comes. This also describes this film's protagonist, Chen Xiangguang.

South Africa Worship Songs “UNkulunkulu Osesimweni Somuntu Usebenza Ngokuthula Ukusindisa Umuntu”



I
UNkulunkulu waba yinyama, wahlala efihlekile phakathi kwabantu
ukuze enze umsebenzi omusha, asisindise enkohlakalweni.
Ugodla incasiselo.
Ngezinhlelo azenzile, wenza umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo.
Amazwi Akhe ayakhula usuku ngosuku,
eduduza, ekhumbuza, esola futhi exwayisa.
Kusuka kokuthambile nokunomusa kuya kokunolaka nobukhosi,
amazwi Akhe afaka uzwelo novalo.
Konke akushoyo kwembula izimfihlo zethu ezijulile.
Amazwi Akhe akwazi ukusihlaba futhi sizizwa sihlazekile.
Kunokunikwa okungenamkhawulo kwamanzi Akhe okuphila.
Futhi ngenxa Yakhe, siphila noNkulunkulu ubuso nobuso.
UNkulunkulu waba yinyama, wahlala efihlekile phakathi kwabantu
ukuze enze umsebenzi omusha, asisindise enkohlakalweni.
Ugodla incasiselo.
Ngezinhlelo azenzile, wenza umsebenzi Wakhe isinyathelo ngesinyathelo.

28.4.18

South African Gospel Song "UnguNkulunkulu Wethu" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu



South African Gospel Song “UnguNkulunkulu Wethu” Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu
I
Akekho ngaphandle Kwakhe owazi esikucabangayo.
Akekho omunye owazi ingqikithi nemvelo yethu njengentende yesandla sakhe.Akekho omunye owazi ingqikithi nemvelo yethu njengentende yesandla sakhe.
Akekho omunye ongahlulela ukuhlubuka komuntu noma izindlela zakhe ezonakele.Akekho omunye ongahlulela ukuhlubuka komuntu noma izindlela zakhe ezonakele.
Akekho ongakhuluma nathi noma asebenze kithi kanje egameni likaNkulunkulu osezulwini.Akekho ongakhuluma nathi noma asebenze kithi kanje egameni likaNkulunkulu osezulwini.
Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba nokuhlakanipha negunya likaNkulunkulu.Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba nokuhlakanipha negunya likaNkulunkulu.
Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba nesithunzi sikaNkulunkulu.Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba nesithunzi sikaNkulunkulu.

26.4.18

Umsindisi Usebuyile “Esefwini Elimhlophe”

         Ezinkulungwaneni eziningi zeminyaka, umuntu ubelokhu elangazelela ukubona ukufika koMsindisi. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubona uJesu uMsindisi esefwini elihlophe njengoba ehla, engumuntu, phakathi kwalabo ababemlangazelele nababefisa ukumbona izinkulungwane zeminyaka. Umuntu ubelokhu elangazelela ukubuya koMsindisi futhi ezozihlanganisa nabantu, okungukuthi, uJesu uMsindisi ukuba abuye kubantu asehlukane nabo iminyaka eyizinkulungwane.

15.4.18

9. Phakathi Kwenhlekele Ngabona Ukuvikelwa WuNkulunkulu

UZhang Min   Edolobheni IBeijing
6 KuNcwaba, 2012 
KuNtulikazi 21, kowezi-2012, laqala lana kanzima ekuseni. Ntambama lapho kwakumele ngiye emhlanganweni, ngabona imvula yayinzima ngaze ngangafuna ukuhamba. Kodwa kwakuba kanye ngeviki, uma ngingayanga yayingekho indlela yokwenza umsebenzi wami webandla. 

3.3.18

Ukubuyisela Impilo Ejwayelekile Yomuntu Nokumhambisa Endaweni Emangalisayo Okuphokophelwe Kuyo

Umuntu uyaqonda kancane ngomsebenzi wanamuhla nomsebenzi wangesikhathi esizayo, kodwa akaqondi ekupheleni lapho isintu sizongena khona. Njengesidalwa umuntu kufanele enze umsebenzi wesidalwa: Umuntu kufanele alandele uNkulunkulu kunoma yini ayenzayo; 

19.2.18

Ukuhunyushwa Kwezwi Lamashumi Amabili Nesithupha

Kuwo wonke amazwi akhulunywa uNkulunkulu, kuyabonakala ukuthi usuku lukaNkulunkulu luyasondela usuku ngosuku. Kusengathi lolu suku selulapha phambi kwamehlo abantu, sengathi luzofika kusasa. Ngalokhu, emva kokufunda amazwi kaNkulunkulu, bonke abantu bashaywa uvalo, futhi banomuzwa wencithakalo yomhlaba.

16.2.18

Izwi Leshumi

INkathi Yombuso, kakade, yehlukile ezikhathini ezedlule. Ayithinti okwenziwa ngumuntu. Kunalokho, ngenza umsebenzi Wami emva kokwehlela emhlabeni — umsebenzi okungekho muntu ongawucabanga noma awufeze. 

Isexwayiso sikaNkulunkulu Sifinyelela kuBantu BaseNineve

(Jona 1:1-2) Izwi likaJehova lafika kuJona indodana ka-Amithayi, lathi: Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemeze phezu kwalo, ngokuba ubu...